DEAR MZUKULUA Poem by M La MellzAuthor: M La Mellz "My Words To My Generation!"
Dear Mzukulu,
Ngibhala lenkondlo ngosizi olukhulu. Engithemba ukuthi emyakeni eyikhulu, uzobe usayimumethe ngesifuba! Bheka luyeza usuku olukhulu, lapho ziyobhonga khona ngolaka olukhulu! Zibange umsindo omkhulu, kube ngathi amadoda ayikhulu! Mzukulu, zwana amazwi ami, ngikulandisa ngokubhonga kweziNgonyama! Mzukulu, Lomhlaba ugcwele asebafa! uma impi imisa ngakuwe, ungabaleki ugcwale amathafa! Nxa kubhonga izingonyama, wokwembatha isikhumba esingenanyama, weyame ngaso isibaya! iy'ntaba namawa kuyodilika, kepha ziyosinda iy'Ntaka! Lesi yisibaya engasakhela amadodana namadodakazi ami, kepha bayosivusa uma siwa ukuze kuhlale nabazukulu bami! Leli yifa lakho, wena nabazukulu bakho! Dlulisa isiyalo sam kuwe, usudlilisele kuso isizukulwane sakho! Mzukulu, okwami akudli endle, funa kubanjwe yizimpisi endle? NginguMzulu Mzukulu, bheka yilo lolu ulwazi olunzulu! ang'chemanga namangisi, nawe ngokunjalo ungabi yiphisi! Ungazingela izindaba zosopolitiki, nemikhondo yamangisi ayizipoki! Hlala la esibayeni, ulime ensimini! Ekseni nasemini, uyakubaphakela abezizwe nabofokazana abalambileyo, kepha Ntambama uyakuhlala phansi udle nabantwana obazeleyo. Bafundise ngokuseleyo, indlala enkulu eyasek'seni, ikakhulukazi kozeleyo! Mtanam abaqala lempi sebelele, zizobhonga iyngonyama enhla komuzi ungazelele! Ungabavusi nabantwana uma belele, lento ayithi shu! Beng'cela uyishalazele! Konke lokhu kushaye indiva, umsindo wezingonyama uliqedile elikaMthaniya! Zibhonga zingaphesheya kwezilwandle, imibombo yazo ishintshe ngaphandle, wo! Kuwe wena osendle, bheka lezizilwanyana zyoqhamuka ngalo ulwandle! Mzukulu yizwa amazwi ami, uqaphele ulimi lwabathakathi! © 2016 M La Mellz |
Stats
220 Views
Added on January 17, 2016 Last Updated on February 26, 2016 AuthorM La MellzDurban, Kzn, South AfricaAboutI'm Inamandla Meluleki Mpanza "M.L'Mellz" the Writter, Poet. My Genres are Narrative, Ballad and Limerick. I'm from South Africa, under a Zulu tribe. The reason why i use my pseudionym "M La Mellz" it.. more..Writing
|