Izwi lizwakele

Izwi lizwakele

A Story by Bahle

Ngaphesheya komfula, kunebhungu nje elisencane, uyalibona ukuth iminyaka yalo isemisha, futhi insizwa nje eyondlekile ngomzimba. lelibhungu likhalisa umakhalekhukhwini walo, kukhala ingoma yeMfez' emnyama u"Zenzile." libonakal' emehlweni ukuthi inhliziyo yalo, ayikho kuye, kungenzeka uyikhohlwe ekhaya, okanye khona omphathele yona, kodwa akayiphethe neze nje kahle, kuba ngathi icwil' emafutheni abilayo. 
njengoba ihlezi eduze komfula, nawo awuzibekile phansi, amanzi ayahaza okusho khona ukuthi uyangenisa. Qham'thushi kuqhamuke nje omunye ubaba ngaphesha, kuqeda kukhala nje umsindo oshaqisayo emanzini okungazathi khona ojikijele itshe, okanye ophuma emanzini. Imicabango iphezulu kulelibhungu, okusobala ukuthi akabonanga lutho kodwa umsindo wona uzwile, ukuthi owani akazi. "yey wensizwa ehlezi lapho ungowakwabani, futhi uqhamukaphi?" kubuza yena lobaba oqhamuke nje esidididini, livuse amehlo lelibhungu, malithi liphons' amehlo ngasenhla lingaboni muntu, kodwa izwi lizwakele.

Amemeze futhi lobaba ongaphesheya komfula, "Ey wensizwa ehlezi lapho, ngikubuzile ukuthi ungowaphi, njengoba uzohlalela ehlanzeni, kuthulakele nakangaka kwenzenjani! (emangala)  indaba zakho ukhethe ukuzozixoxela inyoni namagwababa?" Lelibhungu lizwe manje ukuthi lomuntu okhulumay' ungasemumva kwakhe, avuse ikhanda manje awathath' amehlo awaphonse nganeno, bese iwagcwalisa umfala iwawelisa ngaphesheya, wena owezwa kuthiwa "Iso liwela umfula ugcwele." Angizwa? kubuza ibhungu leli. Ngithi uhlaleleni lapho, njengoba usudliwa icala kwenzenjani? lsukume manje lensizwa ifuna ukuzwa kahle ukuthi, kahle kahle lomlisa oqhamuka nje esemphazamisa ngubani, futhi uvelaphi, njengoba ihlathi likiloza izinyoni, kuhaza namanza omfula ongenisile, kuthulakele, sekuqhamuka umsindo womlisa ngasemvakwakhe, kunomsindo okhale kabuhlungwana emanzini, okungazathi inhlanzi ifun' ilanga lasehlobo, 

Kunjani ndodana? kubuza umlisa lona obengaphesheya komfula, usez' uwelile umfula, uzozwa kahle udaba lalensizwa lena. Hawu yebo baba ngiyaphila! iphendulo ngomoya ophansi onovalo, nokho phela yena umugcine engaphesheya komfula, osekumthusa nje ilokhu ukuthi usekhuluma eduze kwakhe, emva komsindo othize okhal' emfuleni ongenisayo. Ungowaphi futhi kwenzenjani uzocabanga wedwa ekuthuleni kangaka udliwa yini? ebuza. Cha cha  aku...... Ikinga zasebaleni, noma udliwa ikinga zentombi lezi ezigcwele lonke izwe leli? (Bemungene emlomeni esathi uyakhuluma) adideke manje ukuthi usezothini, "ngoba imibuzo yalobaba ngathi iyayibona imicabango yami" kucabanga lelibhungu leli. 
Asehambile amahora, ngoba nazi nenkomo zilandelana okusho khona ukuthi Isibaya siyanuka. Ndodana akufanele uphume ebaleni uzohlala wedwa lapha ehlanzeni, uzokwenzenjani mangahle kuqhamuke inyoka enkulu njengoba ubungangizwa mina, ubuzokwenzenjani? kubuza yena futhi lomlisa, useze uyadineka manje, Aphefumulele phezulu manje lomlisa odliwa indaba engachazeki. akhuphule amehlo, afik' ahlangane nawakhe umlisa lona, bese ekhiphha umoya kuhle kweloli libamba amabhiliki, Kubuhlungu ngempela ukuthanda umuntu wesimama, okubuhlungu ukumthanda impilo yakho yonke bese ekuphula umoya ekugcineni usuzolobola. lidonse umoya liwukhuphulele phezulu.

To be continued.........

(BC Nhlabathi)

© 2017 Bahle


My Review

Would you like to review this Story?
Login | Register




Share This
Email
Facebook
Twitter
Request Read Request
Add to Library My Library
Subscribe Subscribe


Stats

278 Views
Added on February 15, 2017
Last Updated on February 17, 2017

Author

Bahle
Bahle

Ladysmith, KwaZulu-Natal, South Africa



About
I'm young independent, and 24 years of age, an author, I write books of love and very emotional dramas & novels. And looking forward to change lives of people and heal the wounds of those who've been .. more..

Writing